Ukwebiwa kogesi kuchaza noma luphi uhlobo lokugxambukela okungagunyaziwe amathuluzi, izinto noma izinsiza zokuxhuma ngendlela etshengisa noma engaholela esimweni sokungafundeki noma sokuntshontsheka kwenani logesi noma ekuhlomuleni ugesi ngendlela engafanele.
Ukwebiwa kogesi kuyinselelo edinga kubhekanwe nayo ngenhloso yokusimamisa lemboni yokuphakela ugesi. Kungani kubalulekile?
Akukho emthethweni: ukweba kuthathwa njengesenzo esiyicala nesijeziswayo ngaphansi komthetho. Ukusebenzisa ugesi ngaphandle kwemvume yokuwuxhuma noma ukubhalisa njengekhasimende esikhungweni sendawo yokuphakela ugesi kanjalo nokuphazamisa imitha kagesi yinto eyicala.
Ukugwema lesisimo, kufanele uthintane nomphakeli-gesi wakho wendawo bese ufaka isicelo. Kuyodingeka ukhokhe inani lokuxhuma ugesi ngaphambi kokuphasiswa kwesicelo sakho.
Abukho ubulungiswa kulawo makhasimende awukhokhelayo ugesi.
Ukuphazamiseka kogesi: ukuxhuma ugesi ngokungemthetho kuvame ukuholela ekwesindweni kwengqalasizinda kagesi, ngaleyo ndlela bese ude uwa. Ukwesindwa kungaphazamisa nezindawo ezingomakhelwane. Ukuphazamiseka kogesi kwaloluhlobo akulona iphutha lomphakeli-gesi.
Ukwesindwa kogesi kungaholela nasemandleni kagesi angalawuleki ngokwezinga elejwayelekile nokuyinto engalimaza izinto zasendlini ezisebenza ngogesi, ikakhulu kulawo makhasimende awukhokhelayo ugesi. Okunzima wukuthi lamakhasimende angenacala angeke aba nandlela yokukhononda kumphakeli-gesi, ngenxa yokuthi lenkinga isuke ingadalwanga wumphakeli-gesi noma kungenxa yobudedengu bakhe.
Abaphakeli-gesi badinga ukuthola inzuzo efanele umsebenzi wabo ukuze babhekana nezindleko zogesi abawuthenga kubakhiqizi bogesi. Inzuzo evela ekudayisweni kogesi isiza ukusimamisa umsebenzi wokuphakelwa kogesi nokuthi umphakeli-gesi akwazi ukuqhubeka nebhizinisi lakhe. Ngakho-ke, ukweba ugesi kubeka ebucayini ikusasa lokuphakelwa kogesi esikhathini esizayo.
Ukwehla kwenani lemali engenayo kuchaza imali encane eya ohlelweni lokuphakelwa kogesi. Lokhu kuchaza ukuthi abantu abangakabi nawo ugesi kumele balinde isikhathi eside.
Eziwombeni eziningi zokuxhuma ugesi ngokongemthetho, kudaleka izingozi ngenxa yokuthi amakhebuli awaphephile nokuyinto eholela ekulahlekeni kwezimpilo zabantu.
Ukulahleka kwenzuzo ngenxa yokwehla kwenani elidayisiwe kusho ukuthi kumele itholakale ndawo thize ukugqiba lesisikhala. Lesisimo sichaza ukwenyuka kwentengo yogesi. Wubani-ke ohlukumezekayo ngalokhu Kuhlukumezeka lawo makhasimende awukhokhelayo ugesi ngoba inzuzo elahlekile ihlinzekelwa ngokwenyusa intengo?
Cebisa umakhelwane wakho ngomthelela walesi senzo.
Cebisa umakhelwane wakho ngendlela efanele yokufaka isicelo sokuxhunyelwa ugesi.
Yaziza omakhelwane bakho, kungenzeka babe neqhinga lokuxazulula lenkinga.
Phakamisa loludaba emhlanganweni womphakathi noma ezinhlakeni zendawo.
Dlulisela udaba emkhandlwini wezokuxhumana wamakhasimende.
Yazisa umphakeli-gesi wakho uma unolwazi ngomuntu ontshontsha ugesi.
Njengekhasimende elisebenzisa ugesi, unesibophezelo sokukhokhela umsebenzi owenzelwe wona. Uma unenkinga yokukhokha ngesikhathi isikweletu sakho, mhlawumbe isixazululo kungaba wukusebenzisa uhlelo lukagesi wekhadi. Ngaleyondlela, uyokwazi ukuhlela kahle ugesi owusebenzisayo. Ukweba ugesi kuphazamisa wonke amakhasimende, akugcini nje endaweni yangakini kuphela kodwa kungaba nomthelela wokwenabela nakwezinye izindawo.
Njengesinyathelo sokugcina, ungaqondisa isikhalo kumlawuli kagesi. Ayakhuthazwa amakhasimende ukuba axhumane nomphakeli-gesi oqondeni lapho engafaka khona izikhalo. Uma ungeneliswa, ungedlulisela udaba kuMlawuli kaGesi osezingeni likaZwelonke noyokuphenyela kabanzi ngodaba.
Ukulawula imboni yokuphakela ugesi ngokulandela inqubo-mgomo nomthetho ngenhloso yokuhlangabezana nezidingo ezikhona neziyobakhona zabaneqhaza egesini ngokusebenzisa amasu anqala, afanele nayoholela ekusimameni okuyohlala isikhathi eside.
Umlawuli kagesi ngokuxhumana nomnyango wokubhekela amakhasimende uzibophezele ukwenza ngcono iqophelo lomsebenzi embonini yokuphakela ugesi nokugcina amakhasimende enolwazi ngezindaba ezithinta ukuphakela ugesi.
